Unqabe umjolo nendodana yomphathi obenguNdlunkulu

ObenguNdlunkulu weKumkani yabaThembu unqabe umjolo nendodana yomphathi weQwaqwa Stars ngoba efuna ukugana UDkt Nolubabalo Mcinga uveze lokhu ku IBunda News.

Afrika ngemumva kokumemezela kwakhe ukuthi useyehlulana neKumkani yabaThembu uBuyelekhaya Dalindyebo.Ubephawula mayelana nemibiko ebizungeza ezinkundleni zokuxhumana yokuthi usothandweni olusha nokuvutha amalangabi noMnuz Chris The Billionaire Msiska waseMalawi oyindodana yowayengumphathi weQwaqwa Stars, uZorro Msiska.Uthe nakuba babekebathandana phambilini noChris The Billionaire besebancane kodwa babuye bahlukana ngoba uDkt Mcinga wenqaba ngenhloso yokuqhuba izifundo zakhe nokuzikhulisa ngokwempilo.

“Kodwa manje njengoba kunezingxoxo zokubuyelana esinazo noChris, ngikubeke kwacaca ukuthi angikwazi ukubasemjolweni naye kunalokho ngifuna ngimgane ngokwesithembu ukuze angahlukani nomkakhe. Yilokho engikholelwa kukho. Okunye ukuthi thina noChris senomongo ofanayo okungukuthuthukisa imiphakathi yethu nokulwa nobubha ezweni,” usho kanje.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.