UNkonyeni uvele enkantolo ngelenkohlakalo nokukhwabanisa

Owayeyisikhulu sikahulumeni KwaZulu-Natal uPeggy Nkonyeni (64) uvele eNkantolo eNkulu eMgungundlovu ebhekene necala lokukhwabanisa nenkohlakalo. Ukuvela kwakhe kuhambisana neqhaza okusolwa ukuthi walibamba ekuthengweni kwemishini yokuhlanza amanzi (Watakas) nemishini yomoya ezibhedlela (Oxyntakas) KwaZulu-Natal.

UNkonyeni wayewuMphathiswa wezeMpilo e-KZN ngesikhathi okusolwa ukuthi kwenzeka ngaso lokhu. Le mpahla yathengwa enkampanini Intaka Holdings, ephethwe wusomabhizinisi wase-Uruguay uDkt Gaston Savoi. Enkantolo namuhla , uNkonyeni uvele ehambisana noBusisiwe Nyembezi , Victor Ntshangase , Alson Sipho Buthelezi , Sandile Kuboni , Kuboni Shezi Incoporated , Lindelihle Mkhwanazi no-Rowmoor Investements 783 (Pty) Ltd.

Ngaphezu kwamacala , umbuso uthi phakathi kuka-August 2006 no-November 2007 uNkonyeni nabanye ababili ( uMkhwanazi ne-Rowmoor Investments) babesebenzisana ukuze bemukele umhlomulo kaR500 000 enkampanini Intaka Holdings ukuze bayilekelele ithole umsebenzi ezibhedlela ezimbili. Udaba luhlehlele u-11 June 2026 , eNkantolo eNkulu eThekwini ukuze uMkhwanazi athole ummeli bese yena noNkonyeni bahlinzekwe ngezitatimende.

Abanye abamangalelwa okukhona kubo uNkonyeni noMkhwanazi , bazobuyela enknatolo ngo-23 July 2026 ukuze kulungiswe izendlalelo zokuqulwa kwecala.Ngo-September 2024 ,uGaston Savoi wahlambuluka wavuma amacala eNkantolo eNkulu eMgungundlovu , okubalwa kuwona amane okukhwabanisa , nayisithupha enkohlakalo enzeka eNorthern Cape naKwaZulu-Natal phakathi kuka 2004 no-2007.

Udaba lwaphothulwa ngokuthi kube nesivumelwano sokuhlambuluka ngaphansi kuka-Section 105A of the Criminal Procedure Act.Wagwetshwa ukuthi akhokhe inhlawulo kaR 5 million , noma iminayak eyishumi ejele , wagwetshwa neminyaka eyishumi ejele yalengiswa iminyaka emihlanu. Inkantolo yakhipha umyalelo wokuthi kudliwe impahala kaR60 million.

Wayalelwa nokuthi akokhe uR15 million wezinleko zokudliwa kwempahla.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.