
Umengameli wamaJaji e-Eastern Cape uSelby Mbenenge utholwe enecala lokungaziphatha kabi kakhulu yi-Judicial Service Commission (JSC) ngemuva kophenyo olude mayelana nezinsolo zokuhlukumeza ngokocansi abebhekene nazo.
Esitatimendeni esikhishwe ngoLwesine, i-JSC iqinisekisile ukuthi ngemuva kokulalela ubufakazi nokuhlola yonke imibiko, ithole ukuthi uJaji Mbenenge wephule uMthetho Wokuziphatha Kwamajaji.
“UJaji Mbenenge uziphathe ngendlela engafanele isikhundla sakhe njengomholi wezobulungiswa. Izenzo zakhe zicekela phansi ukwethembeka kwenkantolo nesithunzi sezobulungiswa,” kusho uMahlubi Ntlanganiso, umkhulumeli we-JSC.
Uphenyo lwaqala ngo-2024, ngemuva kokuthi umabhalane wasenkantolo wafaka isikhalazo ethu uMbenenge wayemfuna embhedeni izikhathi eziningana phakathi kuka-2022 no-2023. I-Women’s Legal Centre isamukele isinqumo, yathi “sithumela umyalezo ocacile wokuthi ukuhlukunyezwa ngokocansi kwabesifazane ngeke kubekezelelwe ngisho nasezikhundleni eziphakeme.”
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
