
IMeya yaseJozini uNkosinathi Myeni ikhomba ngenjumbane ozakwabo abangamakhansela ngokubhedla umkhankaso yokungcolisa igama layo emphakathini ukuze ibukeke njengo muntu okhohlakele.Engxoxweni naleli phephandaba, uMyeni uthe uyabazi bonke abantu abaqhuba umkhankaso wokumnyundela.
“Isono sami ngisuke ngavala ompompi babo manje sebeyangilwisa ngoba bebona ukuthi ngiyabalambisa,” kusho uMyeni.
UMyeni usanda kuhliphizwa kanzima emphakathini kuthiwa untshontshe imali ecela kuR2m yomkhandlu. Kuthiwa le mali iphumele ukuthi ibizothenga amajezi ebhola labesilisa nabesifazane nokunye.
Ngokwemibiko esatshalisiwe kuthiwa amajezi awazange athengwe kodwa athathwa emnyangweni wezemidlalo.UMyeni uzichithile lezo zinsolo wathi amajezi akhona athengwa inkinga ukuthi afika emva kwesikhathi. Uthe inhlamba ukuthi amajezi athathwe emnyangweni.
“Amajezi akhona athengiwe asazosebenza sihlele ukuthi imidlalo ibe ngoMeyi,” usho kanje. Uthe okumxaka kakhulu ukuthi sekukhona amakhansela asenza ihhaba ngalolu daba.
“Lamakhansela engikhuluma ngawo abethenga amajezi ngemali engaphezulu kakhulu kunalena okukhulunywa ngayo manje kodwa wona futhi iwona asekhuluma kakhulu,” usho kanje.
Mayelana nezinsolo ezithi ithenda yokuthengwa kwalezi zinsiza ayizange ikhangiswe, uMyeni uthe yena uyiMeya akangeni kulowo mkhakha.
“Abantu abangaba sendaweni ekahle ukuphendula lokho abakwaSCM mina angazi lutho,” kusho uMyeni. Uthe uzoqhubeka nokuqinisa isitilobho kumakhansela awachaze njengamanqe alobizela ukuntshontsha imali yomkhandlu.
UMyeni ungene endaweni kaNaye Mathe obezibiza ngenkosi yeziMeya. UMathe wadonselwa ukhaphethi iqembu ngoba belimsola ngokuba namabatha.
Kunezinsolo ezithi wakokotela ngisho nokusayina kwemenenja yomkhandlu eyayibambile ukuze akwazi ukuyoboleka imali ebhange lakwa-Absa enguR7m.
Le mali wayeyifunela ukuthi isize nasekuholeleni nabasebenzi, emva kokuthi umkhandlu wabe ungesenankece sekuququdwe yonke into. Kunezinsolo zokuthi uMathe ubenika ngisho izintombi zakhe amathenda.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
