
UMama Joy Chauke, ongomunye wabalandeli bokuqina bebhola eNingizimu Afrika ugxeke esidlangalaleni uNgqongqoshe wezemidlalo uGayton McKenzie wathi akanasizo lalutho kubalandeli beBafana Bafana.
UChauke uthe babhekene nobunzima njengoba bedinga uxhaso lokuyolandela iBafana Bafana emdlalweni yendebe yomhlaba ezobanjelwa e-USA, Mexico naseCanada ngoJune.
Uthe njengamanje uthandazela ukuthi umengameli wezwe uCyril Ramaphosa abanike uNgqongqoshe omusha wezemidlalo eNingizimu Africa ozoletha ushintsho nozoqonda ukubaluleka kwabalandeli bebhola kuleli.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi ethatha izintambo uMcKenzie wabaphuca abalandeli bokuqina imihlomulo yamabhanoyi namahhotela namathikithi wokubuka iBafana Bafana mangabe idlala ngaphandle kwaleli.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
