
I-DA ixwayise i-IFP KwaZulu-Natal ngokuthi ingase ihoxe ekubambisaneni nayo komasipala uma kungathathwa izinyathelo zokulwa nenkohlakalo nokuphatha budlabha.
Umholi we-DA esifundazweni uFrancois Rodgers uthe i-DA isibhalele i-IFP izwakalisa ukukhathazeka ngesimo esibi kumasipala abaphethe.
I-DA ithe uma i-IFP ingalethi uhlelo olucacile lokulungisa izinkinga, ngeke iseseke isabelomali samasipala lapho bebambisene khona.
“Le nkinga ibonakala kakhulu e-Newcastle nase-uThukela District Municipality. ENewcastle, kukhona izinsolo zenkohlakalo nokuphatha budlabha kanti futhi kunanophenyo olwenziwa oKlebe. OThukela, izinto zimbi kakhulu. Inkantolo isize yavala ngisho ama-akhawunti ebhange kamasipala ngenxa yokungakhokhi izikweletu, ” kusho uRodgers.
Usihlalo we-DA OThukela, uThys Janse van Rensburg, ugxeke kakhulu indlela i-IFP ephethe ngayo izimali.
Uthe i-IFP izama ukufihla amaphutha ayo ngokukhuphula amanani ezinsiza kubantu.
Isabelomali sika-2026/2027 siphakamisa ukukhuphuka kwentengo yamanzi nezinye izinsiza kuze kufike ku-20%, yize abantu bengatholi amanzi njalo.
“Abantu abaningi baphoxekile, yingakho bengakhokhi — izinga lokukhokha lehle lisuka ku-60% ngo-2021 laya ku-40%. Kunezinkinga eziningi ezifana nemalimboleko engekho emthethweni, ukungalandelwa kwezinqumo zenkantolo, nokwanda kwezikweletu,” ushe kanje
Ube esenika uSomlomo wasoThukela amahora angu-72 ukuthi alungise izinkinga ezithinta izinqumo zomkhandlu.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
