
Ngu: Sidlabehlezi Gumede
INkantolo yeSifunda KwaMaphumulo igwebe indoda eneminyaka ewu-25 udilikajele ngecala lokudlwengula ingane eneminyaka ewu-9 endaweni ngo-2022.
Umgilwa nommangalewa babazana njengoba ummangalelwa wayehlala nomndeni kamgilwa.
Ngosuku lwesigameko, unina kamgilwa waya edolobheni washiya ummangalelwa nomgilwa nezinye izingane ezincane.
Ummangalelwa wabizela umgilwa endlini, watshela ezinye izingane ukuthi azihambe ziyodlala. Ummangalelwa wadlwengulwa umgilwa, waqeda wathi akageze.
Unina kamgilwa wabuya edolobheni waqaphela ukuthi kukhona okungahambi kahle ngengane yakhe futhi ingubo yayo yayimanzi.
Unina kamgilwa wayibuza indodakazi yakhe, yabhoboka yamchazela ngesigameko aveza ukuthi ummangalelwa ubengaqali ukwenza lokhu. Unina kamgilwa wabuza ummangalelwa kodwa waphika.
Udaba lwabikwa emaphoyiseni, umgilwa wayiswa e-Stanger Thuthuzela Care Centre(TCC) wayothola usizo. Umsolwa wagcina eboshiwe.
UMshushisi uBongani Sibisi ubize ofakazi okungumgilwa nonina owabikelwa kuqala. Kubizwe nodokotela owahlola umgilwa naye wafakaza.
UMshushisi ekhonga isigwebo esiqinile, wethule isitatimende sikamgilwa asenze eluswe wuSifiso Nene oyi-Court Preparation Officer. Umgilwa uthe isigameko sishabalile isifiso sakhe sokuhamba umkhosi womhlanga. Uthe udonsa kanzima nasesikoleni
Ngaphezu kwesigwebo sikadilikajele, inkantolo inqume ukuthi ummangalelwa akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu. Igama lakhe lizofakwa ohlwini lwabanukubeza ngokocansi.
I-NPA iyasemukela isigwebo. Umkhankaso wokulwa nesihlava sodlame lobulili, ungene kwelinye igiya manje njengoba kwandiswe amaThuthuzela Care Centre(TCC) ezweni lonke esuka ku-55 ngo-2020 /2021 saya ku-66 manje. Lezi zikhungo ziwusizo kubagilwa bokunukubezwa ngokocansi.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
