Uthi uyabazi abadlali beGallants okufanele babaxwaye uMngqithi

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, usebikele abezidaba ngokwazi abadlali beMarumo Gallants okufanele babaxwaye. UMngqithi uphinde wancoma uDan Malesela ngamagalelo akhe njengoba bazobhekana kowandulela owamanqamu weCarling Knockout ngeSonto eDr Molemela Stadium.

“UDan ubelokhu eyilowo mqeqeshi odlala ibhola elihle kakhulu. Iqembu elihle kakhulu elinabadlali abaningi abathakaselayo.”

Ekhuluma nabezindaba uMngqithi uncome uMalesela ngendlela asungula ngayo iqembu lakhe wathi okungenani abadlali abayisithupha bangabafaka inkinga uma la maqembu ehlangana.

“UDan ubelokhu eyilowo mqeqeshi odlala ibhola elihle kakhulu,” kusho uMngqithi kwabezindaba.

Lomdlalo ubhekwe ngamehlo abomvu ngoba kulapho eyodwa kulezinhlangothi zombili zizobe zibheke ukudlulela esigabeni sazo sokuqala sesiliva ngesizini ka-2024/25.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.