
Umama usolwa ngokubulala indodana yakhe ukuze afune umshwalense ka-R2 million. UShayhieda Dollie (49) waseGelvandale, eGqeberha, uvele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseNew Brighton namuhla, ebhekene necala lokubulala nelokwakha itulo lokubulala indodana yakhe, 22, uMoegamat Thaafir Dollie.
Izinsolo zokubulala ngamabomu zenzeka ngomhlaka-28 Okthoba 2024.
UDollie, owesifazane ongasebenzi, kuthiwa ubenezinkinga nendodana yakhe ebinenkinga yezidakamizwa ebithathwa njengewuhlupho ekhaya.
Efuna iseluleko, kusolakala ukuthi wabonisana nabantu abehlukene abasikisela “isixazululo saphakade”.
Ube eseqasha izihlabani ezimbili, ezaziwa ngo-“Shaun” kanye no-“Oompie,” baseGoli
Abasolwa bebefuna u-R80 000, okwathi ngokuhamba kwesikhathi banyuselwa waba ngu-R380 000.
Lolu hlelo lwenzeka ngesikhathi uDollie etshela indodana yakhe ukuthi unenhlolokhono yomsebenzi, izigilamkhuba zamlanda, nokwaholela ekubulaweni kwayo.
Isizathu kuthiwa bekuwukufuna u-R2 million womshwalense wempilo, lapho enye imali izosetshenziselwa ukukhokhela abashayayo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
