
Amakhulukhulu ezicukuthwane atheleke esikhumulweni sezindiza iKing Shaka International Airport eThekwini ngoLwesine lapho ezokwethula khona umfanekiso weNgonyama yamaZulu okuqanjwe ngawo lesi sikhumulo.
Ukuhlonipha nokubungaza abasunguli besizwe samaZulu, uMongameli waseNingizimu Afrika, uCyril Ramaphosa, iSilo uMisuzulu, uhulumeni waKwaZulu-Natal ngokubambisana neNdlunkulu kaZulu wembule umfanekiso omusha weNgonyama uShaka, esikhumulweni sezindiza i-King Shaka International.
UMongameli Cyril Ramaphosa kanye neSilo Samabandla uMisizulu KaZwelithini kanye noNdunankulu uThamsanqa Ntuli bembula isifanekiso seSilo uShaka kaSenzangakhona esingamamitha angu-12.
[Watch Live] His Excellency President Ramaphosa's address during the unveiling of the King Shaka statue #LeaveNoOneBehind https://t.co/AdTBLztKQU
— South African Government (@GovernmentZA) November 7, 2024
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
