
Amaphoyisa aseGauteng, esebenzisana nonogada abazimele, abambe futhi abopha iqembu lezigebengu labesilisa abangu-44 abebematasa belayisha utshwala obubiza ngaphezu kuka-R15 million emalolini amane ahlukene ngezintatha zangoLwesithathu, mhla zingama-26 kuNhlangulana wezi-2024. Lokhu kungemuva kokuthi abasolwa begebenga isitolo eKempton Park.
Amaphoyisa athole imininingwane ngabasolwa abebehlela ukubamba inkunzi lapho kugcinwa khona utshwala. Ithimba elihlanganisa amalungu ophiko lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika, iFidelity Specialized Service, CAP Specialized Service kanye neTracksquad Security lilandele imininingwane lazithela kubasolwa abebematasa belayisha lobo tshwala emalolini. Amaloli amabili abesevele egcwele utshwala ahamba, amaphoyisa awajaha. Elinye lamaloli liphahlazeke ku-R21 eKempton Park. Elinye iloli litholakale eNorkem Park, lapho kuboshwe khona umsolwa oyedwa.
Amaphoyisa aphinde ashaqa nezimoto ezimbili zohlobo lwe-VW Polo ebezisetshenziswa ukwenza ubugebengu. Abasolwa kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseKempton Park, babhekene namacala okugebenga amabhizinisi, ukutholakala nempahla eyebiwe kanye nokwephula i-Immigration Act.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
