UZizi Kodwa wesula njengongqongqoshe ngemuva kokuboshwa nokuvela enkantolo

Esimweni esishubile, uNgqongqoshe wezeMidlalo, amaCiko namaSiko, uZizi Kodwa, wesulile esikhundleni ngemuva kokuboshwa nokuvela enkantolo ngoLwesithathu ngezinsolo zokugwazelwa kwesamba sika-R1.6m. “UMnu Kodwa uwazise uMengameli ukuthi uzosula njengoNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko kanye nelungu leKhabhinethi, ngemuva kokuthweswa icala ngokusemthethweni,” kusho isitatimende soMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko.

UKodwa uvele kanye nalowo asolwa naye, owayeyisikhulu se-EOH, uJehan Mackay, eNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge ngoLwesithathu. Laba bobabili bathole ibheyili ka-R30,00 umuntu ngamunye ngesikhathi bebhekene namacala enkohlakalo afinyelela ku-R1.7 million. Kusolwa ukuthi uKodwa wathola intshontsho kuMackay kwathi inkampani yakhe yagixabezwa ngo-R400 million wezinkontileka zikahulumeni.

Ngesikhathi evela kwikhomishana yombuso, uKodwa watshela lowo owayeyiPhini leNhloko yamaJaji uRaymond Zondo ukuthi imali ayithola kuMackay wayeyibolekiwe. Khona manjalo, i-African National Congress (ANC) ithe uKodwa, oyilungu le-NEC, kulindeleke ukuthi abhekane nokuqondiswa kwezigwegwe kwangaphakathi kulandela ukuboshwa kwakhe ngamacala enkohlakalo.

Okhulumela i-ANC uMahlengi Bhengu-Motsiri ubikele abezindaba ngoLwesithathu, ngemiphumela yomhlangano wekomiti elisebenza kuzwelonke obubanjwe ngoLwesibili.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.