
Iqembu loMkhonto Wesizwe (MK) lithanqaze phansi iqembu le-ANC e-Alexandra, okuyisizinda esiqinile se-ANC. Selokhu kwangena umbuso wentando yabantu i-ANC isiphethe u-ward 75 kuleli lokishi. Kodwa-ke lokhu kushintshile ngoLwesine ngesikhathi kumenyezelwa imiphumela yokhetho lwasekhaya, okukhombisa ukunqoba okunqala kweqembu elisanda kusungulwa iMK, eliholwa owayengumengameli uJacob Zuma.
I-MK inqobe kuzo zonke iziteshi ezinhlanu zokuvota kule wadi, i-IFP yalala isibili. Umphumela waku-ward 75 uphawuleka kakhulu njengoba uhlanganisa ihostela laseMadala nelaNobuhle, abahlali abangu-6,000 ababambe iqhaza elibalulekile ekunqumeni umphumela.
Emavotini angu-8,000, i-MK ithole angaphezu kuka-4,000, kwathi i-IFP yathola cishe angu-2,000, okwenza umqhudelwano phakathi kwala maqembu womabili. Iningi labahlali basemahostela bakhuluma isiZulu, futhi amavoti abo akhombisa ukuthi bathanda umyalezo kaZuma wenkululeko kunombono kamengameli we-IFP uVelenkosini Hlabisa.
Iningi lalabo abavotele i-MK yilabo ababengamalungu e-ANC noma abalandeli abangagculisekile ngeqembu elibusayo ngenxa yezizathu ezehlukene okubalwa nabakubona njengokungaphathwa kahle kukaZuma.
UMnuz Khanyile Radebe, oyisakhamuzi sasehostela laseMadala, uzwakalise ukuthi uvotele iMK ngoba ekholelwa ukuthi impilo yayingcono ngaphansi kowayengumengameli uZuma. “Kunzima kakhulu ukuthola imisebenzi manje. Ngisho nezimo esiphila kuzo zimbi. Sihlala ehostela elingcolile akulethwa nhlobo izidingo. Esikuthola kuhulumeni okhona yizithembiso ezingafezeki,” usho kanje.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
