
UNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi eLimpopo, uFlorence Radzilani uthumele imiyalezo yenduduzo emindenini eshonelwe ngabantu abangu-13 abashone engozini eyenzeke ku-R521 Road ngasepulazini i-Enkelbosch, eCapricorn District.
Sekuqinisekisiwe ukuthi bangu-13 abantu abashonele endaweni yesigameko okuhlanganisa abashayeli ababili nabagibeli abayishumi nanye bemoto encane iToyota Minibus. Kuthiwa itekisi ibithutha othisha nabanye abasebenzi beminyango kahulumeni.
Ngokwemibiko, imoto iHyundai Heavy, ishayisane mahlanze neToyota Minibus. UNgqongqoshe usexoxisane nemindeni eshonelwe, efike endaweni yesigameko, wabe esedlulisa amazwi enduduzo egameni likaHulumeni wesiFundazwe.
Unxuse bonke abashayeli ukuthi bathathe izinyathelo zokuphepha njengoba behamba, ikakhulukazi ngezikhathi zasekuseni. Ukungabonakali kahle kuthiwa kube yimbangela yengozi njengoba kubikwa ukuthi bekunenkungu ngesikhathi sengozi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
