Ongowokudabuka eMalawi uboshelwe ukunukubeza omakhelwane izingane ezi-3

Owesilisa oneminyaka engu-29 odabuka eMalawi ubanjwe washaywa wumphakathi ngemuva kwezinsolo zokuthi upotoze osisi abathathu belele ekamelweni labo eHazelmere, eKZN, ngezikhathi zasekuseni ngoMgqibelo.mAbahlali bathinte iReaction Unit South Africa (RUSA) becela usizo endaweni yesigameko. Lapho befika, iReaction Officers yahlangana nabazali bamantombazane amathathu, eneminyaka eyisishiyagalolunye, eyishumi nane, neneminyaka eyishumi nesishiyagalombili.

Abazali bachaza ukuthi izingane zazilele endlini engaphandle enekamelo elilodwa ngesikhathi kungena umakhelwane wazo, wakhumula ingubo yokulala amantombazane, waqala ukuwotawota. Enye yamantombazane yavuka yacela usizo kubazali babo ababelele endlini enkulu. Umsolwa wabaleka, kodwa odade bamkhomba njengomakhelwane wabo. Izimbadada zakhe zitholwe ekamelweni labo.

Abazali namalungu omphakathi baseshe le ndawo bathola umsolwa e-tuckshop eseduze. Bamshaya base bethinta iRUSA ukuze bathole usizo. Ngesikhathi ephonswa imibuzo umsolwa ukuphikile lokhu ethi ubesegcekeni ethungatha umngani wakhe. Uvumile ukuthi izimbadada zakhe bezingekho kodwa wangakwazi ukuchaza ukuthi zifike kanjani ekamelweni lezingane. Umsolwa uboshiwe wanikelwa emaphoyiseni aseVerulam ukuze kuqhutshekwe nophenyo.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.