
Osomabhizinisi base emalokishini angaphansi komkhandlu wase Thekwini babubule ku Zwakele Mcwango ongumholi we Action SA KwaZulu-Natal nogaqele esokuba nguNdunankulu walesisifundazwe. Babubula ngokubhoxa obishini ngokuqonelwa umnotho wasemalokishini yizizwe eziqhamuka eMpumalanga nezwekazi lase Africa.
Iningi lezizwe ezihlalise kabi osomabhizini base malokishini ngabesizwe sama Ethiopian nama Somalia. Iqembu le Action SA belihambele emalokishini ahlukene KwaZulu-Natal afana no Mlazi, Clermont, Kwamashu, Lomontville, Kwamakhutha,
Batshele uMcwango ukuthi bahlezi lubhojozi ngama Ethiopian nama Somalia abaqola umnotho wabo bengasomabhizinisi. Baphinde bakhala ngabanye osomabhizini bendabuko emalokishini bangenisa labantu bangaphandle emalokishini ngoba behlulwa ukumbambisana nabanye osomabhizini.
Bayahlubuka bathathe indlela yokuqashisela amaSomalia nama Ethiopian. Khona manjalo uZwakele Mcwango uthembise osomabhizini ukuthi mangabe bevotela iqembu le Action SA bazoxosha amaSomalia nama Ethiopian eNingizimu Africa. Bangaphinde bangene emalokishini nasemaphandleni.
Uphinde wanxusa osomabhizini ukuba bahlangane ndawonye basebenze ngokubambisana baphinde babumbe izinhlangano zosomabhizinisi base malokishini. Abanye osomabhizini bakhale nangabahlali abangakaqondi ukuthi bashisa indlu abahleli kuyona ngokuthenga izimpahla zabokufika.
AmaSomalia asebenzisa iqhinga lokuthenga impahla ngokuhlanganyela nokwenza, impahla bayithole ngamanani aphansi. Lokho kudala umonakalo omkhulu kosomabhizinisi base malokishini ngoba bona abahlangene.
Leliqembu le Action SA liyiqembu lokuqala eNingizimu Africa lokulwela osomabhizini base malokishini.nonogada namakilinasi ngokuthi mabaqashwe ngokuphelele ngaphansi kahulumeni. Linomlando obambekayo leliqembu le Action SA wokuqasha onogada namakilinasi. Njengoba umengameli walo uHerman Mashaba waqasha abantu abaningi ngesikhathi esenguMeya wase Gauteng. namuhla baqashwe ngokuphelele ngaphansi kamasipala wase eGoli.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
