
Umculi Gigi Lamayne osekuphele iminyaka ethuthuka endimeni yomculo uthi akuwona umsebenzi onenzuzo. Engxoxweni yakhe neTrndza Podcast, lo mrepha uthe ayikho imali embonini yomculo waseNingizimu Afrika.
“Ayikho imali emculweni eNingizimu Afrika. Uma ufuna ukwenza imali emculweni udinga ukuphuma ngaphandle kweNingizimu Afrika.
“Ngeke wenze imali lapha noma uzoyenza isikhashana futhi udinga ukuteleka futhi udinga ukushaya kanzima,” kusho yena.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
