
Oweyengumdlali wasemuva eqenjini leKaizer Chiefs, uDavid Kennemyer uxwayisa leliqembu ngobungozi bomqeqeshi weCape Town Spurs u-Earnest Middendorp.
“UMiddendorp uzofuna umsebenzi kwamanye amaqembu ngokuphanga amaphuzu amathathu kuKaizer Chiefs, nabadlali be Cape Town Spurs bazodlalela ukuzikhangisa emaqenjini ka Dstv Premiership. ngoba khona abangathandi ukuyodlala ku Motsepe Foundation League ngesizini ezayo” kusho David Kennemayer.
Kuzomele uCavin Johnson azibambe ziqine ngempela ngoba uzobhekana neqembu eliyingozi enkulu njengoba lizodlala umdlalo wokuvalelisa iDsv Premiership, abadlali be Cape Town Spurs bayaqonda ukuthi abawasawadinga lamaphuzu ngoba awasazobasebenzela ndawo kodwa bangayikhipha ngaphandle kwe top 8 iKaizer Chiefs mangabe bezoyithola ihuqa ubuthongo kuphetha Kennemyer.
IKaizer Chiefs igula izihambela njengoba ingenalo iqembu lokunqoba. Kodwa inhlaka kanhlaka namuhla njengoba kuhlala kwenzeka imbedumahlwana kuyona. Khona manjalo ilwela ukungena ku top 8 manje kuyayiphoqa ukuthi lomdlalo wayo ne Cape Town Spurs kumele iwunqobile kumnyama kubomvu.
Njengoba ibambene ngamaphuzu ne Polokwane City, Golden Arrows, AmaZulu FC banethuba lokuqeda ku top 8. IKaizer Chiefs ngansi komqeqeshi oyibamba Cavin Johnson ayidlalanga kahle selokhu athatha izintambo zokwiqeqesha.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
