Umama unquma ikhanda lendodana ekhubazekile

ELebowakgomo, iziphathimandla ziphenya ngembangela yokubulawa komfana oneminyaka engu-18 ubudala obehamba ngesihlalo esinamasondo. Umama womfana, 48, uboshiwe ngezinsolo zokuthi wamnquma ikhanda, okuyisenzo esishaqisayo esichazwe nguKhomishana wamaphoyisa esifundazweni uLieutenant General Thembi Hadebe.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa uColonel Malesela Ledwaba. “Kufakwe umbiko ngezithuba zabo-13:00 ngoLwesihlanu ntambama kanti ngesikhathi amaphoyisa efika athola isidumbu sebhungu elineminyaka engu-18 sishumpulwe ikhanda sisesihlalweni saso esinamasondo nekhanda libheke phansi eduze kwendawo yokucima ukoma,” sifundeka kanjalo isitatimende sakhe. .

ULedwaba uthe abekho abantu abatholakala endaweni yesigameko. “Amaphoyisa aqale uphenyo lokuqala kwatholakala umama kamufi. Ngemuva kophenyo olunzulu, ubemataniswa necala lokubulala indodana yakhe wabe eseboshwa,” usho kanje.

Kuthathwe ummese endaweni yesigameko, okusolakala ukuthi wasetshenziswa umsolwa ukunquma ikhanda lesisulu. UHadebe uthe ushaqekile kakhulu.

“Lesi yisigameko esibuhlungu esithinte kakhulu umphakathi wethu kanye nomndeni wakwa-SAPS. Nakuba amaphoyisa ebophezelekile ukuvikela nokusebenzela umphakathi, abazali baneqhaza elibalulekile okufanele balibambe ukukhulisa nokuvikela izingane zabo.

Umthetho uzothatha indawo yawo ngaphandle kokwesaba noma ukuchema,” kusho yena.
Kuvulwe icala lokubulala kanti umsolwa kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseThabamoopo ngokuhamba kwesikhathi.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.