
Isigameko esishaqisayo senzeke ekuseni eVerulam, KwaZulu-Natal, ngesikhathi umsolwa oneminyaka engu-21 ubudala eshayiswa yitekisi ngesikhathi ezama ukubaleka endaweni yesigameko. Lesi sigameko senzeke ku-Wick Street ngezithuba zabo-6:54 ekuseni ngoMsombuluko.
Umsolwa ubesanda kubamba inkunzi endaweni ngesikhathi ezama ukubaleka. Nokho ngenxa yokwethuka kwakhe ushayiswe yitekisi yamshiya elimele phansi. Umshayeli wetekisi ubaleke endaweni yesigameko ngokushesha ngemuva kwengozi, washiya umsolwa edindilizile emgwaqeni.
IReaction Unit South Africa (RUSA) isheshe yasabela endaweni yesigameko ngesikhathi ithola umbiko ngesigameko. Ngesikhathi befika, abeReaction Officers bathole umsolwa olimele kodwa abakwazanga ukuthola isisulu sesigameko. Kukholakala ukuthi isisulu sisuke endaweni ngemuva nje kokugetshengwa yila madoda amabili.
Umsolwa olimele uthole usizo lwezempilo kwabezimo eziphuthumayo kwabe-Emergency Medical Rescue Services (EMRS) endaweni yesigameko.
Ube esephuthunyiswa esibhedlela sikahulumeni wendawo ukuze aqhubeke nokwelashwa. Yize ethinteka kulesi sigameko kodwa umsolwa akakaboshwa.
Omunye umsolwa owayebandakanyeka esigamekweni sokuphanga ukwazile ukubaleka ngezinyawo endaweni yesigameko kanti usagcwele amathafa. Njengamanje abomthetho baphenya isigameko kanti bathungatha umsolwa wesibili.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
