
Amaphoyisa KwaZulu-Natal aqale umkhankaso wokuthungatha umsolwa ongowokufika ovulele ngenhlamvu ebhekise kubantu abahlanu, kwashona oyedwa kwalimala abathathu emzini osemgwaqeni u-Adelaide Tambo eDurban North ngeSonto ntambama.
Ngokwemibiko, abesifazane abane bakwamanye amazwe bomdabu base-Asia babebuthene ekamelweni elilodwa lendlu ababeyiqashile ngesikhathi kufika umngane wesilisa, naye ongowokudabuka e-Asia. Laba besifazane kuthiwa ubacele ukuthi bagibele baye enxanxatheleni yezitolo eseduze.
Ngesikhathi laba besifazane nomngani wabo wesilisa bengena emotweni, kuqhamuke enye indoda engowesizwe esifanayo nabo bonke endlini yadubula. Oyedwa walaba besifazane uthole inxeba elinzima neliholele ekutheni ashonelel endaweni yesigameko, kwathi abanye abathathu baphuthunyiswa esibhedlela besesimweni esibucayi. Owesilisa abehamba naye ukwazile ukubaleka ngaphandle kokulimala.
Iziphathimandla zenza uphenyo ukuthola imbangela yokudubula, kanye nobudlelwano phakathi komsolwa nezisulu. Lesi sigameko sishiye umphakathi wakule ndawo ushaqekile, kanti amaphoyisa anxusa noma ngubani ongaba nolwazi ngomsolwa noma ngesigameko ukuthi aphumele obala.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
