ABC ithembise ushuntsho ulunzulu ngesikhathi yethula umhlahlandlela wokhetho luka 2024

UMengameli weqembu ABC uPhilani Mavundla wethule umhlahlandlela weqembu kubalandeli baleliqembu eThekwini. Lomholi ubalule kakhulu ukuzimela gelekeqe njengesifundazwe saKwaZulu-Natal.

Phakathi kwezinto azithinte kakhulu ukudala amathuba omsebenzi entsheni yase Ningizimu Africa, ukulwisana nobugebengu, ukushushumbiswa kwabantu kuleli, ukuvuselelwa kwezinqalazinda, ukuvikela abaholi bomdabu abayizinhlwa kulohumeni osemandleni nasebephendulwe izisulu sokubulawa njengoba sekubulewe amakhosi nezinduna ezingaphezulu ka 57 KwaZulu-Natal kuphela.

Ukubuyiswa komhlaba kubantu base Ningizimu Africa naKwaZulu-Natal ngaphandle kokuchitheka kwegazi. Ukhuculula ifu elimnyama elimboze uhulumeni obusayo ikakhulukazi lenkohlakalo edla lubi. Ukulethwa kwemfundo yezinga eliphezulu nokufundiswa ngamakhono emsebenzi kubantu abasha.

Ukugcina umnotho kubantu base Ningizimu Africa ukuze ungaphumeli ngaphandle kepha uzungeze ngaphakathi kuleli, ukugxila wezolimo kubantu abasha, nokubuyisela izimayini kubantu abasha ukuthi babenamandla kuzona njengoba bengumgogodla wezwe lethu.

Ukuphucula ezempilo eNingizimu Africa njengoba abantu bakulelilizwe baswele odokotela kodwa bekhona kodwa bengaqashiwe ngenxa kahulumeni obusayo. Ukuqeda ukufakana emsebenzini ngepolitiki nangobuhlobo, uqhakambisa umsebenzi wamaciko, inhlalakahle yabantu, ukuqeda imikhukhu emadolobheni amakhulu namancane eNingizimu Africa, ukwandisa amadamu amanzi, ukuqala uhlelo lokwakha iziphehli zikagesi komasipala nokwandisa kakhulu iziphehli zikagesi eNingizimu Africa.

Ukulungisa imigwaqo emadolobheni nasemaphandleni njengoba yonakele kakhulu. Khona manjalo i-ABC izongenelela ukhetho ezifundazweni ezimbili lapho ifuna izikhundla ezimqoka zobundunankulu KwaZulu-Natal nase Free State.

Khona manjalo kuphinde kwagqama ukuphuma kwezinkumbuli zabalandeli be ABC abaphuma KwaZulu-Natal nase Limpompo, Free State, Mpumalanga, North West, Gauteng. Kubaholi ekade bekhona kulomhlahlandlela bekukhona uSolwazi Maphalala, Dr Makhosi Khoza, James Mthethwa, Mfundo Zondo, Induna Charles Malinga, Inkosi yesizwe sakwa Sithole eShane, Inkosi yesizwe sakwa Cele eMatimatolo, Inkosi yesizwe sakwa Dlomo eMakhabeni, Inkosi yesizwe sakwa Ngcobo, izinduna beziphume ngothi lwazo. namabutho namatshitshi,

Iqembu le-ABC likhula ngamandla njengoba selisabalele umhlaba wonke njengoba leliqembu isizinda salo KwaZulu-Natal lapho likhule kakhulu njengoba likhuluma ulimi labantu base Ningizimu Africa.

UMavundla ukhathazekile ngabantu base Ningizimu Africa abaphucwa umnotho ngabezizwe abafana namaSomalia, Pakistan, amatophiya, labantu bawudla kancane kancane umhlaba nomnotho wabantu emalokishini nasezindaweni zamakhosi.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.