
Ibibhalwe ebusweni injabulo emphakathini waseNkaseni ngaphansi kukamasipala Inkosi Langalibalele obuhanjelwe UMhlonishwa Umeya yomkhandlu was’OThukela Inkosi yakwaShabalala. Lapha uMhlonishwa ubebambe umhlangano womphakathi othinta ukubuyekezwa usomqulu wentuthuko edidiyelwe kanye nesabelomali sonyakamali ka 2024/25.
Inhlosongqangi yalomhlangano bekungukuzama ukuthola imibono kanye neziphakamiso ezizofakwa kusomqulu wentuthuko edidiyelwe kanye nesabelozimali sonyaka ozayo. Loluhlelo luphinde lunikezele umkhandlu ithuba lokuxoxisana nomphakathi futhi lulalele nemibono kanye neziphakamiso zawo.
Umphakathi wakulendawo ukhale kakhulu ngokushoda kwamanzi kanye nezindlu zangasese. UMhlonishwa ukuqinisekisile ukuthi umkhandlu usebenza ngokuzikhandla ukuthi bonke omasipala obangamele bathola amazi ngokwaneliseka.
“Inhloso yalomhlangano ukuzama ukubuyekeza usomqulu wentuthuko edidiyelwe kanye nesabelomali sibambisene nani njengomphakathi. Lokhu kwenziwa ukuze nikwazi ukusicebisa siwumkhandlu ngezinye zezidingo eziseqhulwini emphakathini ngoba yinina eniziqonda kahle izidingo zenu njengomphakathi,” kuchaze Inkosi Shabalala.
Uqhube wathi umkhandlu uzimisele ukwenza ngcono isimo sempilo emphakathini, ukulethela bonke abantu izidingongqangi okubalwa nokukhulisa umnotho wesifunda. Uthe ukubambisana kanye nokusebenzisana phakathi kwezinhlaka zikaHulumeni kanye nomphakathi kusemqoka.
Emuva kokuphawula komphakathi, uMeya ube esethembisa ukuthumela ithimba elizobhekela ukulungiswa kohlelo lokuphakelwa kwamanzi olubikwe njengoluyinkinga. Uthe bazimisele ukuqeda inkinga yokushoda kwamanzi. Ube esenikezela ngezijumba zokudla kwizaguga ezingaphezu kweminyaka engama-70 zakulendawo.
Emuva kwaloluhlelo Umhlonishwa uMeya kanye nethimba lakhe babe sebenikela Emnambithi eDisaster Management Centre ukuyohlangana naMakhosi kanye nosomabhizinisi. Echazela izihambeli, uMgcinimafa was’OThukela uMnuz BB uthe lomhlangano uhlose ukuhlanganyela nazo zonke izinhlaka ezibambe iqhaza entuthukweni yomphakathi. Lokhu kwenzelwa ukuthi zikwazi ukuba nombono ziphinde zenze iziphakamiso mayelana nokuthi kumele isebenze kanjani imalisabelo yomkhandlu.
“Ekuqaleni kwalenyanga sike sabamba umhlangano obizwa nge Indaba yaManzi endaweni yase Mtshezi. Inhloso kwabe kungukuthola izixazululo ezinkingeni esibhekene nazo mayelana nokuphakelwa kwamanzi. Ezinye zezisombululo ezathathwa lapho kwaba ukuthi kuzofanele sikhulise umthamo wesiphehlimanzi esise Mbizeni ukuze sikwazi ukuphakela amanzi emphakathini wonkana”, kusho uMnuz Sithole.
Ethula isabelomali okaJobe uthe bazamile ukugcina ukwenyuka kwentengo ekhokhelwa izinsiza iphansi. Uphinde wakuveza ukuthi lesabelomali sihle kakhulu futhi asingeni kakhulu ephaketheni kubathengi uma uqhathanisa nabanye omasipala. Umphathi womkhandlu was’OThukela uMnuz LS Jili ube esenikezela izimpedulo emuva kokuhlonywa imibuzo emayelana nentuthuko ebibuzwe yizo belu izihambeli zosuku.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
