Owesilisa uboshwe ngemuva kokugwaza abulale ahlala naye ngenxa yempuphu

Amaphoyisa aseMusina, eLimpopo, abophe owesilisa, 32, osolwa ngokubulala umuntu abehlala naye kubangwa impuphu. Okhulumela amaphoyisa akwaSAPS uColonel Malesela Ledwaba uthe umufi, 30, ugwazwe ngensimbi ebukhali emzimbeni wakhe ongenhla ngoMgqibelo.

ULedwaba uthe imininingwane etholakala emaphoyiseni iveza ukuthi la madoda amabili abehlala egunjini eliqashiwe base bexabana ngemuva kokuthi umufi enike omunye ingxenye yempuphu ngaphandle kwemvume yomsolwa. “Abezimo eziphuthumayo babizelwe endaweni yesigameko kwatholakala ukuthi umufi ushonile.

Amaphoyisa athe umufi ugodliwe ukuthi ungubani ngenhloso yophenyo oluqhubekayo. Amaphoyisa avule icala lokubulala kwathi umsolwa ongowokufika kuleli waboshwa ngemuva kokuthi ezinikele emaphoyiseni.” Kusho uLedwaba, wengeza ngokuthi umsolwa owabulala uvele okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseMusina icala lahlehliselwa ikusasa ukuze afake isicelo sebheyili esisemthethweni.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.