Kusolwa uPhilani Mavundla ngokudelela inkantolo

Ikhansela le-ANC kumasipala waseMvoti (Greytown) eMidlands KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ngubane, lisola iMeya uPhilani PG Mavundla ngokudelela iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu. Lokhu kungemuva kokuthi uMavundla we-ABC (Abantu Batho Congress) kuthiwa uyalele abasebenzi ukuthi bakhiye amahhovisi eMenenja kaMasipala, uNksz Noxolo Ndaba, wayalela onogada ukuthi bamvimbe ukuze angabuyeli emsebenzini.

UNdaba umiswe nguMavundla ngemuva kokungaboni ngaso linye okwaqubuka empini yokulwela umphefumulo we-ABC. UNdaba wakuphikisa ukumiswa kwakhe enkantolo waphumelela kodwa uMavundla wamvimba. UNgubane ufuna kungenelele iKZN CoGTA bese ikhwela idilika kuMavundla osolwa ngokuphatha umasipala njengesipaza sakhe kusukela ngoJuni 2023 ngesikhathi i-ANC imsiza ukuthi anyukele kulesi sikhundla.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.