Kuboshwe abatholwe nodizili owebiwe

Abasolwa abathathu abatholwe namalitha angu-1200 kadizili owebiwe baboshelwe ukudayisa udizili ngokungemthetho e-Elansfontein. Amalungu e-Gauteng Traffic Police (@GTP_Traffstats) kanye nabeCrime Prevention Wardens babophe abasolwa abathathu kulandela ukuncinzwa indlebe ngabalisa abathathu abasebenzisa udizili ngokungekho emthethweni e-Elansfontein.

Ngokwesitatimende seGTP abasolwa batholwe nodizili ongu-1200 litres okusolakala ukuthi bawuthole epayipini eliseduze. Udizili ubugcinwe ezigubhini kule ndawo, nawo ashaqwe yiziphathimandla. Abasolwa abaneminyaka ephakathi kuka-25 no-35 kulindeleke bavele enkantolo maduze ngamacala okweba nokutholakala nempahla eyebiwe.

I-GTP ithe ukuhwebelana kukadizili ngokungemthetho kuyingozi enkulu emvelweni nasemnothweni, yabe isinxusa umphakathi ukuthi ubike noma yiziphi izenzo ezisolisayo enombolweni yawo yamahhala ethi 0800 428 8364. I-GTP income onogada beCrime Prevention Warden ngokusiza nokusebenzisana kwabo kulo msebenzi, yathi bazoqhubeka nokusebenzisana ukulwa nobugebengu nenkohlakalo esifundazweni.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.