
Inenebulwe kanzima yizakhamuzi ebezithukuthele zigane unwabu indoda ebanjwe yeba ama-litchi emzini waseThekwini. Lendoda iboshelwe esihlahleni ngemuva kokubanjwa yeba lama-litchi yabe isinabiswa ngenduku kwaze kwaba yiyo leyondaba. Ngokusho kwabenkampani yonogada ezimele iReaction Unit South Africa (RUSA), bathole ucingo ngezithuba zabo-21:30 ukuze bezobhekana nesigameko sokweba emzini (ikheli ligodliwe) eThekwini – Kwazulu Natal.
Ngesikhathi befika endaweni yesigameko bathole owesilisa elimele kanzima emzimbeni nasebusweni eboshelwe esihlahleni ngozankosi futhi bekukhona nezinti ezimbili zempepho ezivuthayo eduze kwezinyawo zakhe, okungenye yezindlela zokumzisa ubuhlungu ngalesisenzo sakhe.

lendoda itshele abeReaction Officers ukuthi igibele ocingweni yacosha ama-litchi ezihlahleni eziningi egcekeni. Nokho wabonwa umnikazi womuzi nomndeni wakhe, bamjaha behla bambophela esihlahleni. Base beqhubeka nokumshaya ngezidladla nezinduku, ngoba esophe kakhulu. AbakwaReaction Officer bamkhiphe ozankosi bacela ukuyisa lo mlisa esibhedlela kodwa wenqaba. Wenqabile nokuvulela izakhamuzi icala lokushaya ngenhloso yokulimaza (GBH). Umnikazi womuzi naye akafunanga ukuqhubeka necala lokweba elibhekene nalo mlisa, wamdedela.
Lesi sigameko sigqamisa ngokusobala ukukhathala nokucikeka kanye nentukuthelo kwabanye abahlali ababona sengathi izindawo zabo aziphephile kumasela nabagqekezi, bese besebenzisa ubulungiswa ukuze kubhekwane nazo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
