
Umqeqeshi we Cape Town Spurs Enerst Middendorp umatasa ngokuthungatha abadlali abanohlonzo abazoqinisa ngabo iqembu lakhe njengoba libhekene nenzukazikeyi yenkinga yokudliwa yizembe. Iqembu lase Cape Town langena ngembobo yenalithi kuDstv Premiership League, ngesikhathi lishaya Maritzburg United, isizini ye Dstv Premiership League liyiqale kabi. Njengoba lingukudla kwenduku yemihla namalanga, uMiddendorp utshele IBUNDA IZINDABA ukuthi akabulali ubuthonga ngalesisimo. “Angibulali ubuthongo obulalwa ngabanye abaqeqeshi bamanye amaqembu adlala ku Dstv Premiership League ngifuna ikhambi lokuthi ngihlenge leliqembu, kodwa inkinga enkulu kumanje ayikho imali yokuthenga abadlali abanohlonzo.
Khona abadlali engizobakhuphula eqenjini le MDC abathathu khona abanye engizobathenga abambalwa” kusho Middendorp ngokukhulu ukukhathazeka. Lomqeqeshi useke waqeqesha amaqembu amaningi ku Dstv Premiership League, phakathi kwawo kukhona iKaizer Chiefs, Golden Arrows, Free State Stars, Maritzburg United, Bloemfontein Celtic, Moroka Swallows FC, Chippa United. Udume ngokuvikisa izembe amaqembu, kodwa mangabe iqembu liphezulu ulehlisela phansi, eduzane namaqembu avika izembe, lapho edlalela khona njalo lomqeqeshi wase German.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
