
Iqembu lakwaDolo le Netball linqobe kalula eqenjini leNzala ngamagoli angu 15 – 7 emdlalweni wamanqamu leliqembu eliqeqeshwa ngu Nelly Madela. Leliqembu likhombise zibekwa ukuthi likulambele ukunqoba lomqudelwano we Mabomvini Netball, njengoba abadlali abaningi ekade bedlala lomqudelwano bakhombise izinga eliphezulu kakhulu.
Khona manjalo umqeqeshi we Nelly Madela ubonge abadlali bakhe waphinda wanxusa othisha ukuthi bangayeki ukugqugquzela abafundi ukuthi bazihlanganise nezemidlalo ukuze bagweme ukungakhulelwa, baphinde bangangeni ophuzweni oludakwayo, bagxile emsebenzini wesikole, ezemidlalo zifaka inhlonipho kubantwana nasemakhaya kuphetha Nelly Madela.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
