
UThisha wase Machunwini eMsinga u Princess Sukumile Mzila, onguthisha eNtanyana Primary school, ungumqeqeshi wezemidlalo esikoleni unxusa amaqembu afana nama King Stars, Amaqueens, ukuthi ahambele indawo yase emsinga ukuzohlwaya ikhono. eMsinga likhona kakhulu ikhono ku Netball , lokho angikungabazi nhlobo ngekhono labantwana, mina ngaqala ukuqeqesha abafundi ngeminyaka yama 90s, baningi abafundi abadlala ibhola lomqakiswano eliseqophelweni eliphezulu kakhulu, namanje ngisaqeqesha abafundi, ngibona ukuthi namuhla abantu abasha bangaphila nge Netball njengoba ngibona abadlali abafana no Bongiwe Msomi ongukaputeni weqembu lesizwe le Netball, bayakhokhelwa manje akusafani nakudala, ngoba bayakwazi ukuthola amadlelo aluhlaza phesheya kwezilwandle, khona manjalo uphinde wanxusa umasipala wase Msinga ukuthi ubalungiselele inkundla yezemidlalo esikoleni,ngiyakholelwa ukuthi inkuzi isematholeni, baningi abafundi abangaphila ngamakhono abo ezemidlalo nobuciko, kumele sibagqugquzele abafundi ezikoleni, izingane zibanomdlandla nempilo ezidlalayo, lothisha ongumlandeli wokuqina we Kaizer Chiefs, nathi uyazifela ngaleliqembu lamakhosi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
