
UVincent Pule ongumdlali waseswini we Orlando Pirates uphawula ngokumehlele ngesikhathi ebanjwa inkuzi bamthathela imonto ngokuqala kwalonyaka. “Ngaphatheka kabi kakhulu ngoba kwangilimaza emoyeni nasemqondweni wami, kodwa manje sengikudlulisile, ngibonga umndeni wami neOrlando Pirates abangisekile kulobunzima engibhekene nabo” kusho uPule. Kumthathe isikhathi eside ukuthi angadlali ngenxa yalesimo, kodwa lomdlali uqalile ezinyangeni ezimbili ukudlala, njengoba useqalile ukuzibonakalisa enkundleni njengoba umqeqeshi emnika ithuba. Abalandeli be Orlando Pirates kade bekhala kakhulu ngaye lomdlali ozimiselayo mangabe edlala.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
