Uphucwe esukuba ukapteni weqembu u-Itumeleng Khune

IKaizer Chiefs ikuqinisekisile ukumiswa kuka-Itumeleng Khune yathi isimphucile ukuba ngukaputeni weqembu njengoba kusalindwe uphenyo lwangaphakathi mayelana nokuqondiswa kwezigwegwe kukanozinti osemnkantshubomvu. Lokhu kungemuva kokuthi kuvele imibiko yabezindaba yokuthi uKhune ufike ukuzoqeqesha ephuze utshwala. IChiefs ithe lo nozinti wakudala weBafana Bafana uzobhaliswa “ezinhlelweni ezithile”.

“Ekuphothulweni kwezinhlelo zokuqondisa izigwegwe ezinzima zeqembu ngesonto eledlule, ikomiti lithathe izinyathelo ezinqala lanquma ukuthi u-Itumeleng Khune ahlukaniswe isikhashana neqembu kuze kube kufezwa imibandela ethile,” kusho isitatimende seChiefs ngoLwesine.

“Njengeqembu eliphakamisa izinga eliphezulu lokuqeqesheka, lapho ukuziphatha kuyingxenye ebalulekile, iKaizer Chiefs iqale uphenyo lwangaphakathi ngemuva kwezigameko ezithile ezithinta uKhune. Uphenyo belubalulekile ekuqinisekiseni ukusebenza okufanele nobumbano eqenjini lethu.

“Ngesikhathi engekho, uKhune kulindeleke ukuthi ahambele futhi abambe iqhaza ezinhlelweni ezithile ezenzelwe ukweseka ukukhula nokuthuthuka kwakhe, ngokwesekwa yiqembu. Lezi zinhlelo kuhloswe ngazo ukumsiza ukuthi abhekane nezinselele kanye nezinkinga abhekene nazo, kuyilapho ethuthukisa isiko leqembu elihle.

“Iqembu selithathe izinyathelo zokulungisa iziphambeko zakhe kwafakwa unswinyo okuhlanganisa nokumkhipha esikhundleni sokuba ngukaputeni weqembu leChiefs.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.