IMamelodi Sundowns FC kulindeleke ukuthi ibhodlele kuMaZulu FC emdlalweni we Dstv

AmaZulu FC azomukela iMamelodi Sundowns FC ngolwesithathu eKing Zwelithini Stadium emdlalweni we Dstv Premiership ngo 19:30. Lomdlalo uzoshuba njengoba lamaqembu ahudula amanxeba womabili, iMamelodi Sundowns FC ihlatshwe ngegoli elilodwa yi TP Mazembe yase DRC Congo emdlalweni we CAF Champions league.

Leliqembu lase Pitoli lisanda kushaya omkhaya balo emdlalweni womkhaya lapho linqobe Super Sports United ngamagoli amabili eqandeni, khona manjalo AmaZulu FC wona asanda kuphoxa abalandeli ekhaya ngesikhathi leliqembu lishaywa kabuhlungu yi TS Galaxy ngamagoli 3-2 emdlalweni oqale ngesivinini njengoba lusheshe labhoboka emuva uSuthu.

I-TS Galaxy yasheshe yathola igoli, yaqede isiwombe sokuqala ihamba phambili ngamagoli amabili, kodwa AmaZulu FC abuye aziqoqa njengoba agcine ngokuthi awathole amagoli amabili wokubika ekhaya, lamaqembu azohlangana njena, AmaZulu FC asenesikhathi eside agcina ukushaya iSundowns FC, njengoba iMamelodi Sundowns FC isawashaye kaningi


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.