UBobby Motaung uphuza nabadlali be Kaizer Chiefs

Ziyaqina izinsolo zokuthi imenenja ye Kaizer Chiefs uBobby Motaung uphuza nabadlali beqembu lakhe, futhi lomkhuba wakhe kuthe mdala kodwa lento icindezelwa ngezinyawo. Abadlali abafana no Itumeleng Khune bakhombise ukuthi imvume bayithola kuyena Motaung, othela iKaizer Chiefs ngamahlazo nangamachilo njengoba leliqembu laba yiqembu lokuqala ukumiswa yinhlangano ephethe ibhola emhlabeni jikelele iFiFa.

UBobby Motaung uphinde wamantaniswa necala lokubulala ngesikhathi kwakhiwa iMbombela Stadium, uphinde owaveza ukuthi yena akaqashiwe kubo njengoba abalandeli bebemgxeka ngokuthi umsebenzi uyamehlula. Leliqembu alenzi kahle ngaphansi kobuholi bakhe ekuthengeni abadlali abanohlonzo. Leliqembu livamise ukuletha abadlali abangagculisi nabangafanele ukudlalela leliqembu, uphinde wavela ezindabeni zobandakanyeka ezidakamizweni njengoba kunezinsolo zukuthi uyazidayisa.

Khona manjalo amakhosi awasayazi inkomishi kuleminyaka engu 9. abalandeli baleliqembu bahlale bekhala bekhaliswa imphumela njengoba iMamelodi Sundowns FC inqoba iligi iminyaka ilandelana, iqembu labo lona lishaya udaka.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.