
UNgqongqoshe wakuleli wezeMidlalo, amaCiko kanye namaSiko, uZizi Kodwa, useqoke ibhodi elisha leBoxing South Africa (BSA) elinamalungu ayisikhombisa, elizohlala iminyaka emithathu. Lokhu kusho ukuthi isikhathi sebhodi sizophela ngo-2026. Ngokubika kwe-SOWETAN, ngendlela ajwayele ukujabula ngayo, uma eqhathaniswa nobuso obumnyama ayebugqokile ngesikhathi kunemiklomelo yeBoxing SA ngoJulayi eThekwini, lapho azwakalisa khona ukungenami kwakhe ngesimo sesibhakela kuleli.
UKodwa umemezele ngoLwesibili ukuthi uSfiso Shongwe, Sakhiwo Sodo, Romy Titus. UNande Mshe, Princess Nongoma kanye noMarry Sitata bazoba ngamalungu ebhodi amasha eminyakeni emithathu ezayo. Lokhu kulandela imibiko ephumile kuleliphephandaba ukuthi Ibhodi leBoxing SA (BSA) elidala ebiliholwa ngu Erick Sithole lekuhlulekile ukuphendula umbuzo oqondile mayelana nokuqoqwa kwemali nokuyinkinga ngoba umlawuli enesikweletu esikhulu sophromotha abakweleta iBSA uma benza imiqhudelwano. Lowo mbuzo ubuzwe yikomidi lezemidlalo ngesikhathi somhlangano ngempelasonto edlule.
Bazongena ezikhundleni kusukela ngoDisemba 12. UKodwa uthe uShongwe, wagila izimanga enguphromotha ngaphansi kweDisney Walt Company ebinemiqhudelwano ehlelwe kahle futhi nangempumelelo engu-12 ebisakazwa bukhoma ku-ESPN nyakenye, nguyena ozohola ibhodi.
Leli bhodi livala isikhala sikasihlalo uLuthando Jack, Gilberto Martins, Khulile Radu (ongeniswe emuva kokusula kukaZandile Kabini ngo-Agasti nyakenye), Surej Maharaj, Azwitamisi Nthangeni, Sakhiwo Sodo no-Eric Sithole obeyibamba loMphathi Omkhulu.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
