
Angaphezu kuka-60 000 amakhonteyina abhajwe olwandle alindele ukuthuthwa echwebeni elikhulukazi laseNingizimu Afrika i-Durban Houbor, njengoba kusolwa ukungasebenzi kahle kwesimo sezulu kanye nemishini kulimaza umnotho ovele ungenzikahle, ngokusho kwamaqembu osomabhizinisi nezepolitiki.
Inqwaba yemikhumbi ilinde ngaphandle kwechweba leTheku, kanti iphethe cishe u-60% wamakhonteyina ezwe, ngokusho kweSouth African Association of Freight Forwarders (SAAFF). Inkinga ecwebeni elingaphansi kwenkampani kahulumeni iTransnet, isuke ezingxabanweni zezombusazwe ngoMsombuluko, iqembu eliphikisayo lifuna kuxoshwe ungqongqoshe wezamabhizinisi kahulumeni.
“Isimo sibi,” kusho uJohn Steenhuisen, inhloko yeqembu leDemocratic Alliance (DA), ngemuva kokundiza ngendiza enophephela emhlane echwebeni. “Izindleko zale nkinga zimbi kakhulu futhi azigcini nje ngokubeka engcupheni ukusebenza komnotho waseNingizimu Afrika osuvele ubuthakathaka, kodwa nesifiso sethu njengendawo yokutshala imali ezohwebelana namazwe ngamazwe.”
Njengoba iNingizimu Afrika iphokophele okhethweni lukazwelonke ngo-2024, isimo sezomnotho asisihle kahle ngoba kukhona ukuntuleka kwemisebenzi nokukhula kancane komnotho wethu okuntengayo. AbakwaTransnet bathi ukubambezeleka kweChweba kuwumphumela wokuwohloka kwesimo sezulu esibi, ukuguga imishini nokunye.
Kodwa i-DA kanye nezinhlangano zosomabhizinisi bathe le nkinga kade yaqala. “Lokhu kubambezeleka kungenxa yokushoda (kokungalungiswa) kwemishini, ukwehluleka ukuthenga amathuluzi, izitaki kanye nokudonsa ngendlela efanele,” kusho iDurban Chamber of Commerce and Industry ngeledlule, ifuna “Kudingeka isixazululo esisheshayo”.
Isimo sifinyelele esimeni esibucayi, kusho umqondisi we-SAAFF uMike Walwyn etshela i-AFP, ethi kumele kube nobudlelwano phakathi kwezinkampani ezizimele ukuze kuthathelwe izinyathelo zokuphatha amachweba.
Ngesonto eledlule, uMengameli uCyril Ramaphosa uthe ukubamba iqhaza okukhulu kwezinkampani ezizimele kumatheminali kuphakathi kwezinguquko ezihleliwe zohlelo lokuthutha.
“Ngikubeke kwacaca kubaphathi ukuthi ngifisa ukubona zonke izinkinga sezixazululiwe ngonyaka ozayo,” kusho uRamaphosa ngesikhathi evakashele echwebeni laseRichards Bay, lapho ukubambezeleka kuphoqe uTransnet ukuthi amise ukusebenza kwamaloli athwala impahla ukuthunyelwa kwamalahle kwamanye amazwe.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
