
I-UDM isikhwele yadilika kumasipala waseMtubatuba ophethwe yi-IFP ngokuhluleka wukuthola usizo oluphuthumayo. Uthe umndeni waKwaMsane ubukele usezinhlungwini umuzi wawo ungqongqa ngemuva kokuba abezicishamlilo kumasipala bebatshele ukuthi ithangi labo lamanzi alikho.
Inkinga yezimo zokubhekelana nenhlekelele ibukeka iyingqinamba kulomasipala ngoba kunemibuzo eminingini ngezimo ezihlasela imiphakathi kepha izinsiza kumele ngabe umasipala uyazi hlinzeka. “Izinhlekelele ezifana nalezi ziyadabyukisa ngoba kumele ngabe umkhandlu uzisukumela phezulu, yazi msakazi bahleli bethi bame ngamumo ukubhekena nazinhlekele uma izulu seliqala ukuguqubala, ngeke nje bakusize ngalutho ngaphandle kwamanga, ngisho neMeya yabo Yesifunda. Azikho izinsiza eziphuthumayo lapho kungamanga amsulwa” kusho isakhamuzi obubona nje ukuthi asiyithandisisi lendaba.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
