Uthole ibheyili oletha abokufika ngasese

USibusiso Malwane (33) waseNkomazi esifundazweni iMpumalanga waboshwa eBarberton ngamaphoyisa ngesikhathi eshushumbisa abantu bokufika abangama-23 abasuka ePakistan naseBangladesh abangenise eNingizimu Afrika. Namuhla unikezwe ibheyili yinkantolo yase Low’s Creek Periodical Court. Ngokusho kokhulumela iNPA eMpumalanga, uMonica Nyuswa, uMalwane waboshwa yi-Flying Squad emgwaqeni u-R38/Barberton ngoNovemba 13.

“Bamise imoto emhlophe yohlobo lweToyota Quantum enamafasitela amnyama okuthiwa ibishayelwa abasolwa kanti kuthiwa bathole abantu abangu-23 bokufika kuleli ngokungemthetho kulemoto elayisha abantu abangu-15. Kulaba abebephakathi bekukhona abadabuka ePakistani abangu-14, abayisishiyagalolunye baseBangladeshi kanye nezingane ezimbili,” kusho yena.

Funda nalolu daba : Kuboshwe uthisha ngezinsolo zokushaya esikoleni eMohlaletsi

“Ngesikhathi amaphoyisa ehlola imoto athole ukuthi ishintshiwe ukwenzela ukwamukela isibalo salezi zisulu. Kuleyo Quantum yisihlalo esingemuva komshayeli nesangemuva kuphela ebesimile, kwase kuphuma izihlalo eziphakathi nendawo. Umsolwa ube eseboshwa wagqunywa esitokisini.”

UNyuswa uthe ngesikhathi kufakwa isicelo sebheyili umbuso owawusiphikisa, inkantolo ithole ukuthi kunezimo ezihlukile ezivumela ukuthi abasolwa badedelwe ngebheyili.

Uthe umsolwa unikezwe ibheyili ka-R3 000 ngemibandela ethile. Ummangalelwa kufanele anikeze ipasi lakhe kumphenyi ngaphambi kokuba akhokhe ibheyili. Kumele abikele esiteshini samaphoyisa sasoThongathi kabili ngesonto, kumele azise umphenyi wecala uma ephuma eMpumalanga, kumele aye enkantolo kuze kuphothulwe udaba, futhi akumele enze noma yimaphi amacala ngesikhathi esebheyili.

Icala lihlehliselwe uFebhuwari 15, 2024 ukuze kuqhutshekwe nophenyo.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.