Ubugebengu obudlangile budla lubi ezweni

Ubugebengu obudlangile eNingizimu Afrika budla izwe okungenani u-10% wesamba somkhiqizo walo wasekhaya minyaka yonke futhi bubhebhethekisa ukungalingani kweholo osekuvele kubi kakhulu, kutholwe ucwaningo lweBhange Lomhlaba.

Umuzi owodwa kwemihlanu uhlaselwa ubugebengu unyaka ngamunye, kuyilapho izinkampani zibhekene nezindleko eziphezulu zokuphepha, abacwaningi bamashonisa babhale embikweni othi Safety First: The Economic Cost of Crime in South Africa. Amabhizinisi asemgwaqeni, athathwa njengokhiye ekuvuseleleni umnotho ofayo nokudala amathuba emisebenzi, abhekene nengwadla yobugebengu futhi iningi alikwazi ukuthatha izinyathelo zokuvimbela.

Ngokwesilinganiso kubulawa abantu abangu-76 eNingizimu Afrika usuku nosuku, imininingwane ekhishwe amaphoyisa ngeledlule iyakhombisa, nokuhlaselwa kwezivakashi kube sematheni emhlabeni jikelele. UNgqongqoshe wezokuThutha uSindisiwe Chikunga udunwe imoto wagetshengwa ngasekuqaleni kwale nyanga ngesikhathi ehamba komunye wemigwaqo emikhulu yakuleli nonogada bakhe.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.