
I-Ludunga Boxing Promotion ka Zwilenkosiliyaphilisa “Zwi” Magudulela izoqhatha izimpi zesibhakela esiqhwiza umlilo eMandeni ngomhlaka 10 December kulonyaka. UMagudulela owathatha izintambo zokuqhoqhobala i-Ludonga Boxing Promotions, okuyi nkampani eyaziwa umhlaba wonke ngamagalelo ayo emdlalweni wesibhakale. Utshele IBUNDA IZINDABA ukuthi uzoqhubeka nokunikeza amabhokisa adubuka ezindaweni zasemakhaya, “…ngizoqhubeka nokunikeza ithuba amabhokisa asemakhaya, njengoba noBaba wami uThulani “Nkunzi” Magudulela wangifundisa angenze njalo. Ngiphinde ngivundulule amabhokisa aqhamuka ezindaweni zase ezihlwempu zasemakhaya” kusho uMagudulela.

I-Ludunga Boxing Promotion iqale loluhambo eminyakeni engaphezulu kweyishumi ukuqhatha izimpi eziseqopelweni lomhlaba, ezindaweni zamakhosi. Yaqala ukuqhatha izimpi kumkhandlu waseZululand komasipala abafana no-Nongoma lapho kuzalwa khona umsunguli weyo i-Ludonga Boxing Promotion uThulani Nkunzi Magudulela ongasekho.
I-Ludonga yaqhubeka yaqhatha izimpi Olundi nase Mkhanyakude lapho kuzalwa khona amabhokisa afana no-Innocent Tycoon Mantengu obengumphetha IBF, SA Title, uSboniso Tiger Gonya obengumphetha we-WBF, WBA, uNcebo Sibiya, uSabelo Mkhonto Cebekhulu ongumphetha WBF International. Kube noSakhile Dlamini, ngaphansi komkhandlu we Lembe.
I-Ludunga Boxing Promotion lukhiqize Msizi Qwabe, u-Ayanda Mthembu ongumphetha we WBF International , Chikota Dlamini, Mhlengi Mhlongo obengumphetha we-KZN Junior Feather Weight, Cenimpilo Mbonambi, Msawenkosi Ndwandwe, Trinity Mhlongo, Mpendulo.
I-Ludunga Boxing ihamba phambili ngokukhiqiza amabhokisi asezingeni lomhlaba futhi angomphetha KwaZulu-Natal, bese ilandelwa yi-Hlula Dladla Boxing kaDladla “Mholi” bese kulandela i-Hle Jobe Boxing kuleli. Iklele eduze ne Eyethu Boxing Promotion, amanye aseke anqoba izicoco ezimqoka khona Christopher Buthelezi owayengumpetha we SA Middle Weight, Wiseman Dlomo owayengumpetha wosondonzima kuleli.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
