
Ushiye angalazi kuMongameli wase-Kenya umholi we-EFF uJulius Malema. UMalema ubehambele kuleliya lizwe ngesikhathi egxeka uMengameli waseKenya, uWilliam Ruto, ngokusanda kwethula ukhaphethi obomvu wenkosi yaseBrithani uCharles nomkakhe. Ezintweni azibalile uMalema uthi uMongameli kade ecula ikwelo lokuthi akuyekwe ukusetshenziswa kwemali yaseMelika lana e-Afrika kepha manje uyena futhi osebonakala ecathazela kwinkosi yamaNgisi. Uphinde waluleka ukuthi abantu baseKenya abangakhohlwa isihluku esinziwa amangisi komkhulu nakobaba bezakhamuzi zakulela lizwe.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
