
Iloli elingenamshayeli ligeleze lehla ngoMgwaqo uPrince Mcwayizeni eMlazi, eningizimu yeTheku, namuhla ngeSonto, lashayisa izindlu eziyisikhombisa kanye nomjondolo, okubangele umonakalo omkhulu.
UNgqongqoshe Wezokuthutha Nezokuhlaliswa Kwabantu KwaZulu-Natal, uMnu. Siboniso Duma, uthe i-Road Traffic Inspectorate iyalelwe ukuthi isebenzisane namaphoyisa aseThekwini (Durban Metro Police) kanye namaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS) ukuthola umshayeli kanye nomnikazi weloli, ukuze baqinisekise ukuthi bayaphenduliswa ngalesi sigameko.
“Sinikeze i-Road Traffic Inspectorate umyalelo wokuthi isebenzisane namaphoyisa aseThekwini kanye namaphoyisa aseNingizimu Afrika ukuthola umshayeli kanye nomnikazi weloli elishayise izindlu eziyisikhombisa nomjondolo kuMgwaqo uPrince Mcwayizeni eMlazi.” kusho uDuma.
Laba bantu ababili kumele baphenduliswe ngaleli loli eliye ladala umonakalo omkhulu. Okubalulekile wukuthi, kubikwa ukuthi umshayeli weloli—okungumuntu wakwamanye amazwe—ubevakashele omunye umuntu wakwamanye amazwe endaweni yokulungisa izinwele (salon) eseduze.
Iloli ligeleze lehla emgwaqweni lingenawo umshayeli esiteringini, lashiya umonakalo omkhulu endleleni elidlule kuyo.
Siyabancoma abantu abebebukele, abenze izinqumo ezisheshayo futhi babonisa isibindi ngokuhlenga izakhamuzi ezilimele. Abantu abathathu abashayiswe iloli bayiswe eSibhedlela iPrince Mshiyeni.
UDuma uphinde wancoma abantu abebebukele nabasabele ngokushesha ukuhlenga izakhamuzi ezilimele. Abantu abathathu abashayiswe iloli bayiswe esibhedlela, iPrince Mshiyeni ukuyothola usizo lwezokwelapha. Uphenyo luyaqhubeka.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
