Udilikajele neminyaka emihlanu kolahlwe ngelokudlwengula

I-National Prosecuting Authority iyasemukela isigwebo sikadilikajele neminyaka emihlanu esitholwe wumlisa oneminyaka ewu-32 eNkantolo yesiFunda eMpangeni emuva kokuthi elahlwe ngecala lokudlwengula nokunukubeza ngokocansi. Ummangalelwa wayethandana nonina kamgilwa behlala ndawonye.

Izigameko zenzeka phakathi kuka-2020 no-2022 kanti zaqala ngesikhathi umgilwa eneminyaka ewu-13 ubudala. Ezinye izigameko zenzeka ngesikhathi unina kamgilwa eseduze. Umgilwa wakhulelwa wase ehanjiswa ukuyohlala nobabekazi wakhe kwenye indawo.

Kwathi uma kuzalwa ingane, ubabekazi wayo waqaphela ukuthi umgilwa wayencondile engayithandi ingane kahle. Kwathi uma esebuzwa, wabhoboka washo ukuthi ummangalelwa wamdlwengula futhi wuyena uyise wengane. Kwabikwa udaba emaphoyiseni kwase kuboshwa ummangalelwa.

Umgilwa wayiswa eThuthuzela Care Centre eNgwelezane. Unina kamgilwa waboshwa ngesikhathi kusaqhubeka uphenyo, wagcina engathweswanga icala. UMshushisi u-Edwina Du Plessis, ubize umgilwa wafakaza kwabizwa nobabekazi owabikelwa kuqala. Umbuso wethule umphumela wolibofuzo oveze ukuthi ummangalelwa unguyise wengane.

UNksz Du Plessis wethule isitatimende sikamgilwa nesikababekazi wakhe abazibhale beluswe wuSaneliso Sibanda noDineo Speaks. Umgilwa uthe isigameko simphazamise kakhulu ngoba uke wazama nokuzibulala. Ubabekazi kamgilwa uthe njengoba kuboshwa ummangalelwa kwashona unina kamgilwa, yena ubabekazi usesele kufanele anakekele umgilwa nengane.

Ummangalelwa ugwetshwe udilikajele neminyaka ewu-5 ngokudlwengula neminyaka emihlanu ngokunukubeza ngokocansi. Izigwebo zakhe uzozidonsa kanyekanye nokusho ukuthi uzodonsa udilikajele. Ngaphezu kwesigwebo sikadilikajele, inkantolo inqume ukuthi ummangalelwa akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu. Igama lakhe lizofakwa ohlwini lwabanukubeza ngokocansi.

Impi yokulwa nesihlava sodlame lobulili iseqhulwini kwi-NPA. Ukwanda kwesibalo samaThuthuzela Care Centre sisuka ku-55 ngo-2020/2021 saya ku-66 manje, kuwisizo kakhulu.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.