
Ithelwe othulini indoda esolwa ngokuba inkabi ngesikhathi igagazisana ngezulu lezandla namaphoyisa ePinetown.
Le ndoda eneminyaka engu 41 ibifunelwa amacala angaphezu kuka 10 ebiwenza oGwini.
Amathimba amaphoyisa ehlukene okubalwa kuwo iSAPS eThekwini District Trio Crimes Unit, SAPS KZN CI, Durban Metro Police Trio Crimes Unit and Durban Metro Police K9 Unit athole le ndoda lapho ebibhace khona.
Lenkabi kuthiwa ibilungisela ukuyoqotha ezikhulwini zikaMasipala waseMdoni emahoreni ambalwa ngesikhathi kutheleka amphoyisa lapho ebhace khona.
Athe amaphoyisa egasela, umsolwa wawabingelela ngenhlamvu kanti uzohlangana nezimbila zithutha amthela othulini.
Amaphoyisa ashaqe izibhamu endaweni yesigameko.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
