
U-Emmanuel Jalai, umdlali wasemuva weqembu lesizwe laseZimbabwe uthi ukuthola ithuba lokudlala kuBetway Premiership League kusho lukhulu kuyena.
“Ngifuna ukwenza iPSL isitebhisi sokuthula amadlelo aluhlaza phesheya kwezilwandle,” kusho uJalai.
I-PSL enye yamaligi amakhulu e-Africa futhi enabaxhasi abaningi.
“Kunabadlali abanohlonze kuPSL abaqhamuka emazweni aseSouth America abadlala kuMamelodi Sundowns, lokhu kusho ubukhulu baleligi,” usho kanje.
Baningi abadlali abaqhamuka emazweni angomakhelwane abadlalela amaqembu aphezulu kuBetway Premiership League, lokho okungekho kulamazwe anjengoZimbabwe, Malawi, Zambia, Angola noBurundi.
“Ngike ngaba neshobolo ngesikhathi ngigqama ebholeni laseZimbabwe kumasizini amadlanu adlule kanti izwe lizodingiswa ebholeni lomhlaba yinhlangano ephethe ibhola iFIFA,” kusho uJalai.
“Kwakhona ukuza eNingizimu Africa kube ngumzukuzuku onzima kakhulu kodwa ngibonga ukuthi ngigcine ngifikile. Bangamekela eqenjini leDurban City,” uphethe kanje.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
