U-Adams ukhala ngengcindezi yokudlalela iDowns

UJayden Adams ongumdlali waseswini weMamelodi Sundowns FC useveze ukuthi uthwale kanzima ngesikhathi eqala ukudlalela iDowns esuka kwi Stellenbosh FC.

“Indlela yokuphathwa kweMamelodi Sundowns FC neStellenbosh FC kuhlukile kakhulu njengoba iqembu leMamelodi Sundowns FC lidlala imidlalo emningi yeBetway Premiership League, CAF Champions league ngicabanga ukuthi kwangithikimeza ukudlala imidlalo emning,” usho kanje.

Uthe kwiStellenbosh FC ubedlala imidlalo yeBetway Premiership League neMTN 8 Cup, Nedbank Cup, Carling Black label Knockout Cup, nakuCAF Confederation Cup.

“Ngifiki kwiDowns ngehlelwe yizinga ngaphatheka kabi kodwa abaqeqeshi uMiguel Cardoso noSteve Kompela bangisizile ukuthi ngizithole ubunjalo bami, ngempela kwenzeke ngempumelelo njengoba sengibuyelwe ukuzithemba,” usho kanje.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.