
Ngu: Sidlabehlezi Gumede
Usomabhizini wase-ward 1 kwaXimba eThekwini uSizwe “Bhee” Khanyile ushaya phansi ngonyawo uthe ngeke asatshiswe ngabaholi be-ANC abadumile endaweni abambophela amanqina enyathi.
Ekhuluma nabalandeli bakhe ngaphandle kwaseNkantolo yaseCamperdown ngoLwesihlanu, uKhanyile uthe labo abamsabisayo badlala ngesikhathi.
UKhanyile ubekhuluma ngemuva kokuhlehla kwecala lakhe elithinta izibhamu.
Usanda kuboshwa amaphoyisa ashaqa izibhamu zakhe zomsebenzi njengoba enenkampani yonogada.
Uthe ukuboshwa kwakhe itulo eliphekwa abaholi abadumile be-ANC abame endleleni yakhe yokungenela esobukhansela.
“Inhloso yokuthi ngiboshwe ukuthi kungcoliswe igama lami khona ngingeke ngikwazi ukungenela esobukhansela, kumele bazi ukuthi ngalokhu abakuzamayo bashaye phansi,” kusho uKhanyile.
Uthe yena akabasabi labaholi abambophela itulo.
“Ngiyinsiswa mina angisabi muntu,” usho kanje.
Uthe uzobhekana nazo ngqo izitha zakhe.
“Lolu hambo esiluhambayo aluwafuni amagwala kodwa lifuna abantu abanesibindi,” kusho uKhanyile.
Unxuse abalandeli bakhe ukuba baqine idolo.
“Ngiyazi ukuthi njengoba neseka mina, nibeka engcupheni impilo yenu,” usho kanje.
Uthe akathandi ukuthi izona zakhe ziwele kubalandeli bakhe.
UKhanyile uthe labaholi be-ANC abamnyundelayo, bahlangene nabantu be-ANC.
“Lapha kwa-ANC sinenkinga yabantu abathutha izindaba baziyise kwiMK party, siyabazi bonke labo bantu,” usho kanje.
UKhanyile uphinde waveza ukuthi liyalimala ibhizinisi lakhe njengoba eboshiwe.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
