
Udlame olukhulayo nokuhlaselwa kwezimoto e-Ressano Garcia, eseceleni komngcele waseMozambique, iPort of Entry yaseLebombo ivaliwe okwesikhashana. Lesi sinqumo siqinisekiswe nguDkt. Michael Masiapato, uKhomishana weSouth Africa’s Border Management Authority (BMA), njengesinyathelo sokuvikela abahambi, abathuthi abawela imingcele, abahwebi nezikhulu ngob akuqhubeka lezi zinxushunxushu.
Ukuvalwa kwezehlakalo kulandela uchungechunge lwezigameko zokushiswa kwezimoto, nemibiko ekhombisa ukukhula kobungozi kulabo abazama ukuwela noma ukusebenza emngceleni. “Sithathe isinqumo sokuvala ichweba okwesikhashana ukuze kuvikelwe wonke umuntu owela noma osebenza eLebombo. Ukuphepha kwabathintekayo yikona okubaluleke kakhulu kithina,” kusho uDkt. Masiapato.
Wengeze ngokuthi iziphathimandla zaseNingizimu Afrika kanye nezaseMozambique zisebenzisana kakhulu, kanye nabezomthetho waseNingizimu Afrika, ukuqapha isimo esiqhubekayo nokuqinisekisa ukuphepha. Amavidiyo azungeza ezinkundleni zokuxhumana aveza amakhulu entsha egasela emahhovisi asemngceleni, enye ihlome ngezinduku, kanti eminye imifanekiso ikhombisa izimoto nezakhiwo zivutha amalangabi.
Iziqeshana ezengeziwe zikhombisa ababhikishi beduna amaloli aseNingizimu Afrika futhi bewasebenzisa ukuvimbela umzila we-N4 ohlangothini lwaseMozambique. Ngenhlanhla, ayikho imibiko yokulimala ngokomzimba kubashayeli etholiwe. Kulezi zinxushunxushu, izikhulu eziyisikhombisa zaseMozambique zicele ukukhoseliswa ngasohlangothini lwaseNingizimu Afrika, zikhalaza ngezokuphepha.
Izikhulu zaseNingizimu Afrika zisalokhu zisendaweni ukuze zisize, njengoba i-BMA kanye noPhiko Lwezentela lwaseNingizimu Afrika (i-SARS) bezibophezele ekunikezeni ulwazi olusha ngesikhathi ngemigudu esemthethweni. Lezi zibuyekezo zizokwazisa ababambiqhaza uma ichweba seliphinde livulwe ngokuphephile. UDkt. Masiapato uzwakalise ukubonga ngokubambisana phakathi kweziphathimandla zaseMozambique nezaseNingizimu Afrika futhi waqinisekisa umphakathi ngokuzibophezela kwawo ekuvuleni kabusha ichweba uma liphephile.
“Sibonga ukubambisana phakathi kwamaqembu ethu futhi sibonga ukubekezela kwawo wonke umuntu njengoba sisebenzela ukubhekana nalesi simo,” ephetha. I-BMA kanye ne-SARS bakhuthaze bonke abahambi namabhizinisi awela imingcele ukuthi bahlale benolwazi ngemithombo esemthethweni njengoba isimo siqhubeka.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
