
Owayengungqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele usezwakalise ukukhathazeka ngokuphepha kwakhe kulandela ukuhoxiswa kwethimba lakhe elisemthethweni lezokuphepha. Ekhuluma neVuma FM eThekwini, uCele udalule ukukhathazeka kwakhe, ikakhulukazi ngokuhlangana nezigelekeqe asizwa ngazo ngesikhathi engungqongqoshe wamaphoyisa.
“Kunabafana abaqavile engabasusa abebesahambela amacala abo ngesikhathi ngisehhovisi,” kusho uCele. “Ngazakhela izitha eziningi, kwesinye isikhathi labo bantu bakukhumbuze owakwenza usengungqongqoshe. Kufanele ukwamukele lokho, phela ungumuntu ojwayelekile futhi kungenzeka noma yini.”
Ungqongqoshe wangaphambili, uthi usezishayelela imoto yakhe nayibize “ngesi-korokoro” okuyigama elisebenziswa uma kushiwo imoto endala. UCele ubalule ukuthi umbuso ubuyisela ngokushesha izinzuzo ezitholwa ongqongqoshe, okuhlanganisa ezokuphepha, izimoto zikanokusho namalambu aluhlaza, osekubukeka “njengomhlaba ohlukile” kuye.
Ukukhishwa kukaCele esikhundleni kwenzeke ngemuva kukoungenzi kahle kwe-ANC okhethweni lukazwelonke lwangomhla zingama-29 kuNhlaba 2024, nokwaholela ekwakhekeni kukahulumeni wobumbano. Umlayezo wakhe oya kongqongqoshe bamanje, uyisikhumbuzo sesimo sesikhashana sezinzuzo ezisemthethweni: “Okwamanje, ngizishayela ngedwa ngemoto yami i-skorokoro. Akusafani,” usho kanje.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
