
Kuboshwe amaphoyisa amane mayelana nenkohlakalo ngemuva kwezinsolo zokuthi azame ukuqola usomabhizinisi wasePhoenix imali ecela ku-R100 000. IDirectorate for Priority Crimes Investigation (Hawks) ikuqinisekisile ukuthi amaphoyisa amane, aneminyaka ephakathi kuka-31 no-46, kulindeleke avele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini namhlanje ekuseni.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Simphiwe Mhlongo ukuqinisekisile ukuboshwa kwabasolwa wathi babhekene namacala enkohlakalo, kanti amaphoyisa amathathu kulawa ngawaseGauteng kanti elilodwa lizinze eNtuzuma KwaZulu-Natal.
Elinye lala malungu likuphiko lweCrime Intelligence Officer, kanti ababili bangaphansi kweJohannesburg Flying Squad. Iphoyisa lesine lisethimbeni lamaphoyisa eNtuzuma lokulandela umkhondo.
Kuthiwa amaphoyisa athole isikhalo sokuqolwa kwempahla endaweni yasePhoenix. Ngokombiko wesigameko isisulu besisesitolo saso esikhulu ngesikhathi ethintwa amaphoyisa amane.
Uthe elinye lamaphoyisa lizethule njengephoyisa lathi lizinze eDurban Central SAPS. Kusolwa ukuthi amaphoyisa aqale ukusesha indawo ashaqa isitokwe sikagwayi alayisha yonke impahla emotweni yawo. Isibhamu sikasomabhizinisi kuthiwa sithathwe yiphoyisa. Umnikazi wesitolo ube esephuthunyiswa ePhoenix SAPS lapho kuthiwa bekufunwa u-R100 000 ukuze akhululwe.
Unkosikazi wesisulu kusolakala ukuthi wakwazi ukuqoqa imali engaphansi kuka-R80 000 kwase kuxoxiswana endaweni yaseMount Edgecombe, eyashintshwa yaba yi-Ottawa, ngaseVerulam oGwini olusenyakatho ye-KZN. Kusolwa ukuthi amaphoyisa abehamba ngeFord Ranger aboshwe ngemuva nje kokuthatha imali. Amaphoyisa ashaqe imali, iFord Ranger nezibhamu ezahlukene.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
